1 Samuweli 17:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wayeyindodana yalowo mEfrata waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayesemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. IsiZulu 2020 UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule. |
Lawa angamazwi okugcina kaDavide. Wathi uDavide, indodana kaJese, umuntu waphakama phezulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe, nomhubi omnandi ka-Israyeli, wathi:
Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.
Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,
Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.
Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.
Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Uzalelwa uNawomi indodana; baqamba igama layo ngokuthi u-Obede. Unguyise kaJese, uyise kaDavide.
Kwakukhona umuntu othile waseRamatayimi-sofi, wasezintabeni zakwa-Efrayimi, ogama lakhe lalingu-Elkana, indodana kaJerohamu, indodana ka-Elihu, indodana kaThohu, indodana kaSufi, wakwa-Efrayimi.
UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.
Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawa mazwi omFilisti, bethuka, besaba kakhulu.
USawuli wasesithi kuye: Uyindodana kabani, nsizwa? UDavide wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”