Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.
1 Samuweli 16:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: “Thumela kimi indodana yakho uDavide osemhlambini.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: “Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini.” IsiZulu 2020 USawule wayesethumela izithunywa kuJese, wathi: “Mthumele kimi uDavide, indodana yakho esezimvini.” |
Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.
Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.
USamuweli wasesithi kuJese: Bonke abantwana bakho bakhona yini? Wathi: “Kusasele encane; bheka, welusa izimvu.” USamuweli wathi kuJese: “Thumela umlande, ngokuba asiyikuhlala phansi, aze afike lapha.”
Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.
UJese wathatha imbongolo, ithweswe isinkwa, nesaka lewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngoDavide indodana yakhe.
Kodwa uDavida wahamba wabuya kuSawuli ukuyakwelusa izimvu zikayise eBhethelehema.