Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
1 Samuweli 14:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 UKishi wazala uSawule; uNeri, uyise ka-Abineri, wayeyindodana ka-Abiyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli. IsiZulu 2020 UKishi, uyise kaSawule noNeri, uyise ka-Abhineri, babengamadodana ka-Abhiyeli. |
Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
UDavide wayesesuka, waya endaweni uSawule ekanise kuyo; uDavide wayibona indawo lapho uSawule elele khona no-Abineri indodana kaNeri, induna yempi; uSawule wayelele emgodini, abantu bamisa nxazonke zakhe.
Kwakukhona umuntu wakoBhenjamini ogama lakhe linguKishi, indodana ka-Abiyeli, indodana kaSerori, indodana kaBegorati, indodana ka-Afiya, umBenjamini, iqhawe.
USawule waphendula wathi: “Angisiye owakwaBenjamini yini, omncane wezizwe zakwa-Israyeli na? nesizukulwane sami sibe sincane kuzo zonke izizukulwana zesizwe sakwaBenjamini? pho kungani ukhuluma nami kanjalo?