1 Samuweli 14:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Phakathi kwezintuba uJonathani ayefuna ukuwela kuzo, aye ezingosini zamaFilisti, kwakukhona idwala elicijileyo ngalapha, nedwala elibukhali ngalapha; igama lenye lalinguBhozesi, igama lenye lalinguSene. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene. IsiZulu 2020 Phakathi kwezikhala uJonathani ayefuna ukucusha kuzo aye ngaphesheya, agasele ibutho lamaFilisti, kwakunogedla lwesiwa ngapha nangapha. Igama lesinye kwakuthiwa yiBhozezi, esinye kuthiwa yiSene. |
Ingaphambili lelinye lalibheke ngasenyakatho ngaseMigimasi, nelinye ngaseningizimu ngaseGibeya.