USamuweli wasuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala amadoda ayenaye kungathi amadoda angamakhulu ayisithupha.
USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.
USamuweli wayesesuka wakhuphuka eGiligali, waya eGibheya kwaBhenjamini. USawule wabala abantu ababesasele naye, babecishe babe ngama-600.
USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
USawuli wasehlala ekupheleni kweGibeya ngaphansi kompomegranati oseMigroni; amadoda ayenaye kungathi amadoda angamakhulu ayisithupha;
USamuweli wavuka ekuseni ukuhlangabeza uSawule ekuseni, watshelwa uSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli, bheka, wamlungisela indawo;