Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.
1 Samuweli 12:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njalo lingaphambuki; ngoba ziyize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize. IsiZulu 2020 Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize. |
Bazenqaba izimiso zakhe nesivumelwano sakhe asenza nawoyise nobufakazi bakhe abufakaza ngabo; balandela okuyize, baba yize, balandela izizwe ezazibazungeza, uJehova abayala ngazo ukuba bangenzi njengalokho abakwenzayo.
Bheka, bonke bayize; imisebenzi yabo iyize, izithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nesiphithiphithi.
Bayamthwala emahlombe abo, bamthwale, bambeke endaweni yakhe, ame; kayikusuka endaweni yakhe; yebo, kukhona oyombiza, kodwa akakwazi ukuphendula noma ukophula osizini lwakhe.
Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.
Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.
Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.
Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?
Kepha mina ngiyakuhlabela kuwe ngezwi lokubonga; Ngizokhokha engikuthembisile. Insindiso ivela kuJehova.
Sinenzuzoni isithombe esibaziweyo esisikiwe umenzi waso; isithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ukuthi umenzi wemisebenzi yakhe athembe ukwenza izithombe eziyizimungulu na?
Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.
Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.
Xwayani ukuba inhliziyo yenu ingakhohliswa, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo;
Kepha uma inhliziyo yakho iphambuka, ungalaleli, udonswe, ukhonze abanye onkulunkulu, ubakhonze;
Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.