U-Ahabi wayesekhuphuka ukuze adle anathe. U-Eliya wakhuphukela esiqongweni saseKarmeli; wawa ngobuso emhlabathini, wafaka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe;
1 Samuweli 12:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wayesembiza uJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli. IsiZulu 2020 Ngalolo lusuku uSamuweli wathandaza kuSimakade, uSimakade waletha ukuduma nemvula; bonke abantu besaba kakhulu uSimakade noSamuweli. |
U-Ahabi wayesekhuphuka ukuze adle anathe. U-Eliya wakhuphukela esiqongweni saseKarmeli; wawa ngobuso emhlabathini, wafaka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe;
Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu. Kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini sendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngenxa yale ndaba nangenxa yemvula enkulu.
OMose no-Aroni phakathi kwabapristi bakhe, noSamuweli phakathi kwababiza igama lakhe; bambiza uJehova, wabaphendula.
U-Israyeli wawubona umsebenzi omkhulu uJehova awenza kwabaseGibhithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.
UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni.
Ngalolo suku uJehova wamenza waba mkhulu uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.