Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.
1 Samuweli 10:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Naye uSawule waya ekhaya eGibeya; kwahamba naye iviyo lamadoda anhliziyo yawo yayithinte uNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile. IsiZulu 2020 USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye. |
Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.
Khona-ke izinhloko zawoyise bakwaJuda noBhenjamini, abapristi namaLevi, nabo bonke abamoya wabo uNkulunkulu awuvusayo, basukuma ukuze bakhe indlu kaJehova eJerusalema.
Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.
Basebedabula inkundla; bahlala eGeba; URama uyesaba; IGibeya yabaleka ebusweni bukaSawule.
Kwathi abezizwe bekuzwa lokho bathokoza, balidumisa izwi leNkosi, bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.
Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.
neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati; imizi eyishumi nane nemizana yayo. Leli laliyifa labantwana bakwaBhenjamini ngezizukulwane zabo.
Kepha abantwana bakwaBenjamini babuthana emizini yaseGibeya ukuba baphume ukulwa nabantwana bakwa-Israyeli.
Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zamemezela lezi zindaba ezindlebeni zabantu, futhi bonke abantu baphakamisa amazwi abo bakhala inyembezi.
USawule wazikhethela amadoda ayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazo zazinoSawule eMigimasi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane inoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.