1 Samuweli 10:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 USamuweli wabizela ndawonye abantu kuJehova eMispa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE USamuweli wabizela abantu kuJehova eMispa; IsiZulu 2020 USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha. |
UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.
Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
Bonke abantu baya eGiligali; bambeka khona uSawule inkosi eGiligali phambi kukaJehova; banikela khona imihlatshelo yokubonga phambi kukaJehova; uSawule nawo wonke amadoda akwa-Israyeli bajabula kakhulu lapho.
Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.