Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami.
1 Samuweli 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wenza kanjalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamdlalisa kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ukuba u-Elkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga lutho. IsiZulu 2020 U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho. |
Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami.
kwafika abanye bevela eShekemi, eShilo naseSamariya, abantu abangamashumi ayisishiyagalombili, bephucile, nezingubo zabo ziklebhukile, bezisikile, bephethe iminikelo nempepho ezandleni zabo, ukuba balethe endlini kaJehova.
Isitha sakhe samgcona ukuthi simthukuthelise, ngoba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.
Wayesethi u-Elkana umyeni wakhe kuye: “Hana, ukhalelani na? futhi kungani ungadli? Inhliziyo yakho idabukeni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?
UHana wakhuleka wathi: “Inhliziyo yami iyajabula kuJehova, uphondo lwami luphakeme kuJehova; umlomo wami uvulekile phezu kwezitha zami; ngoba ngithokoza ngensindiso yakho.
Ngaphezu kwalokho, amadoda ayemenzela ingubo, amadoda ayemlethela iminyaka ngeminyaka lapho ekhuphuka nomyeni wakhe ukuzokwenza umhlatshelo weminyaka yonke.