1 Samuweli 1:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yayinabafazi ababili; igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenamntwana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenabantwana. IsiZulu 2020 Wayeganwe ngabafazi ababili, omunye kunguHana omunye kunguPhenina. UPhenina wayenabantwana, kodwa uHana wayengenabantwana. |
U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.
UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.
ULameka wazithathela abafazi ababili; igama lomunye lalingu-Ada, igama lomunye lalinguSila.
ULameka wasesithi kubafazi bakhe: UAda loSila, Zwanini ilizwi lami! Madodakazi akwaLameka, lalelani izwi lami, ngoba ngibulale indoda ngenxeba lami nensizwa ngokulimala kwami.
Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.
Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
Kwakukhona umprofethikazi uAna, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Asheri, esemdala kakhulu, ebehlala nendoda iminyaka eyisikhombisa kusukela ebuntombini bakhe.
Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali.
UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisithupha esinqeni sakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.