Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




1 Samuweli 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta



1 Samuweli 1:15
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Manje umphefumulo wami uthululiwe phezu kwami; izinsuku zosizi zingibambile.


Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womele wena njengezwe elomileyo. Sela.


Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.


Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.


Ngempela, abantu abaphansi bayize, nabantu abaphakeme bangamanga;


Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.


Impendulo ethambileyo ibuyisa ulaka, kepha amazwi alimazayo avusa ulaka.


Ngokubekezela isikhathi eside, isikhulu siyakholiswa, nolimi oluthambileyo lwephula ithambo.


Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.


Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje.


Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.