1 Samuweli 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. IsiZulu 2020 UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga wayini naphuzo olunamandla, kodwa bengithulula umphefumulo wami phambi kukaSimakade. |
Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womele wena njengezwe elomileyo. Sela.
Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.
Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.
Ngokubekezela isikhathi eside, isikhulu siyakholiswa, nolimi oluthambileyo lwephula ithambo.
Vuka, ukhale ebusuku; thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kukaJehova ekuqaleni kwemilindo; phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwabantwana bakho abafa yindlala ezingqongeni zonke zemigwaqo.
Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje.
Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.