Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na?
1 kuThimothewu 5:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo. IsiZulu 2020 Kodwa uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulu abomndeni wakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi ukwedlula nongakholwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uma umuntu engabondli abakhe, ikakhulu abendlu yakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo. |
Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na?
Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho?
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?
Bhekani, sengilungele ukuza kini ngokwesithathu; njalo kangiyikuba ngumthwalo kini, ngoba kangifuni okwenu, kodwa lina;
UKristu unakuvumelana kuni noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.
Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.
Ngokuba sekungene ngokunyenya abantu abathile, abamiselwa ngaphambili lokhukulahlwa ngaphambili, abangamesabi uNkulunkulu, abaphendula umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa uNkulunkulu wethu, neNkosi yethu uJesu Kristu.
Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.
Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, okungekho muntu ongawuvala, ngokuba unamandla amancane, futhi uligcinile izwi lami, kawuliphikanga igama lami.