Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
1 kuThimothewu 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. IsiZulu 2020 Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike. Baasraak Zulu New Testament Bible Nakekela ukufunda, nokuyala, nokufundisa, ngize ngifike. |
Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
Labo babenobuntu kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, behlola imibhalo imihla ngemihla ukuthi zinjalo yini lezo zinto;
Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.
Manje, bazalwane, uma ngiza kini ngikhuluma ngezilimi, ngiyakunisiza ngani, uma ngingakhulumi kini noma ngokwambulelwa, noma ngokwazi, noma ngokuprofetha, noma ngesifundiso na?
Kumelwe ibe kuye, futhi kumelwe ayifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe nokugcina wonke amazwi alo mthetho nalezi zimiso ukuba awenze.
Ziqaphele wena nesifundiso; hlala kuzo, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.
Uma ukhumbuza abazalwane ngalezi zinto, uyakuba yisikhonzi esihle sikaJesu Kristu, esondliwe ngamazwi okukholwa nesifundiso esihle osigcinile.
lokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele, elamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.
Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;