1 kuThimothewu 4:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yala lezi zinto ufundise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Woyala ngalezo zinto, ufundise ngazo. IsiZulu 2020 Yala ngalezi zinto, futhi ufundise ngazo. Baasraak Zulu New Testament Bible Yala lezi zinto ufundise. |
Labanenkosi abakholwayo, kababedeleli, ngoba bengabazalwane; kodwa kunalokho bakhonze, ngoba bathembekile nabathandekayo, abahlanganyeli bosizo. Fundisa lezizinto, ukhuthaze.
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.
Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.