1 kuThimothewu 3:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kumelwe futhi ukuba abe nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa ayele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane. IsiZulu 2020 Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane. Baasraak Zulu New Testament Bible Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane. |
Base bethi: UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, nodumo oluhle esizweni sonke samaJuda, uxwayiswe nguNkulunkulu ngengelosi engcwele ukuba akubize endlini yakhe, ezwe amazwi kwakho.
Njalo uAnaniya othile, indoda ekholwayo ngokomlayo, efakazelwa kuhle ngabaJuda bonke abakhileyo lapho.
Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi.
Ngokuba nginamsebenzi muni ukuba ngahlulele nabangaphandle na? Anibahluleli yini abangaphakathi na?
Ngakho-ke ngithanda ukuba abesifazane abasha bagane, bazale, baphathe umuzi, banganiki isitha ithuba lokuthuka.
Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasogibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekubhujisweni nasekubhujisweni.
babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.
UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayiqiniso uqobo lwalo; yebo, nathi siyafakaza; niyazi ukuthi ubufakazi bethu buqinisile.
Cha, madodana ami; ngokuba akusiwo umbiko omuhle engiwezwayo: nenza abantu bakaJehova ukuba baphambuke.