Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
1 kuThimothewu 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 (Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?) IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? – IsiZulu 2020 Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? Baasraak Zulu New Testament Bible (Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?) |
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni.
Ngakho-ke njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo kukho konke.
Kepha uma ngilibala, ukuze wazi ukuthi kufanele ukuziphatha kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngenxa yobubi abaziyo; ngoba amadodana akhe ayebaklolodela, kodwa kabavimbanga.