Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
1 kuThimothewu 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa siyazi ukuthi umthetho muhle, uba umuntu ewusebenzisa ngokomthetho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho, IsiZulu 2020 Kepha thina siyazi ukuthi umthetho muhle, uma umuntu ewusebenzisa ngokufaneleyo, Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa siyazi ukuthi umthetho muhle, uba umuntu ewusebenzisa ngokomthetho; |
Nawe wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma kubo usezulwini, wabanika izimiso eziyiqiniso, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.
Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle, ngokuba ukuthanda kukhona kimi; kodwa ukwenza okuhle kangikutholi.
Ngakho-ke umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Makube njalo, ngokuba uma wawunikiwe umthetho owawungaphilisa, isibili ukulunga ngabe kuvela ngomthetho.
Futhi uma umuntu encintisana, kathweswa umqhele, ngaphandle kokuthi encintisana ngokomthetho.