Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.
1 kuThimothewu 1:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa. IsiZulu 2020 nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa. |
Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.
Noma uma inyama eluhlaza ibuya futhi iphenduka ibe mhlophe, kumelwe eze kumpristi;
Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
Leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungisi, ingenzanga njengentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;
UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.
Ngayizingela leNdlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha, ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane.
Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.
Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu;
UAnaniya wasephendula wathi: Nkosi, ngizwile ngabanengi balumuntu ukuthi kungakanani okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;
Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.
Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.
Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha;
ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.
Kodwa ngenxa yalokhu ngahawukelwa, ukuze kimi mina engingomkhulu uJesu Kristu abonakalise konke ukubekezela, ngibe yisibonelo kwabazakholwa kuye ekuphileni okuphakade.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.