Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.
1 kaPetru 5:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi; IsiZulu 2020 Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini. Baasraak Zulu New Testament Bible kungabi ngokuba amakhosi phezu kwefa likaNkulunkulu, kodwa nibe yizibonelo emhlambini. |
Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova; nabantu abakhethile njengefa lakhe.
Cabanga ngebandla lakho owalithenga endulo; intonga yefa lakho owayihlenga; intaba yaseSiyoni owawuhlala kuyo.
Ezigulayo aniziqinisanga, nezigulayo aniziphilisanga, neziphukileyo anizibophanga, nezixoshiweyo anizibuyisanga, nezilahlekile anizifunanga; kepha wababusa ngobudlova nangonya.
Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, umhlambi wefa lakho ohlala wodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mabadle eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
Ngalokho wena namadodana akho kanye nawe niyakuba ngubupristi kukho konke okwase-altare nangaphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngininikile ubupristi benu njengesipho; futhi umfokazi osondelayo kumelwe abulawe.
Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.
Nokho eNkosini kayilutho owesilisa ngaphandle kowesifazane, nomfazi ngaphandle kwendoda eNkosini.
Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo?
Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
Kungesikho ukuthi sibusa ukholo lwenu, kodwa singabasizi bentokozo yenu, ngoba nimi ngokukholwa.
Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu.
Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi.
Enikufundile, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele.
Makungabikho-muntu odelela ubusha bakho; kepha yiba yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokholo, nangokuhlanzeka.
Ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,
Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;