Uma isela lifunyanwa lifohla, lishaywa, laze lafa, akukho gazi elichithwa phezu kwalo.
1 kaPetru 4:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye; IsiZulu 2020 Makungabi bikho namunye kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma eyisigilamkhumba, noma engozigaxa ezindabeni zabanye. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engumenzi wokubi, noma engugaxekile ezindabeni zabanye; |
Uma isela lifunyanwa lifohla, lishaywa, laze lafa, akukho gazi elichithwa phezu kwalo.
Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;
Ngokuba siyezwa ukuthi bakhona phakathi kwenu abahamba ngokungafanele, bengasebenzi nhlobo, kodwa begaya izibozi.
Futhi phezu kwalokho bafunda ukuvilapha, bezulazula izindlu ngezindlu; futhi kabayivilaphi kuphela, kodwa futhi izihlebi, nabangena shi, bekhuluma okungafanele.
engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi.