Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.
1 kaPetru 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, IsiZulu 2020 Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Bathandekayo, ningamangali ngokulingwa okuvuthayo enibhekene nakho, ngokungathi nehlelwa yisimangaliso; |
Uma ubona ukucindezelwa kompofu nokuhlanekezelwa komthetho nokulunga ezweni, ungamangali ngaleyo ndaba, ngokuba ophakeme kunomkhulu kunaye, kukhona ophakeme kunabo.
Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi; Uyakuthukuthela njengasesigodini saseGibeyoni ukuba enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile; futhi ufeza isenzo sakhe, isenzo sakhe esiyinqaba.
Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukubavivinya, abahlambulule, abenze mhlophe kuze kube yisikhathi sokuphela, ngokuba kusengokwesikhathi esimisiweyo.
Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.
Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.
Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;
Ngokuba kuyamangala ukuthi kaligijimi kanye labo kulowo mkhuba wokungathembeki, bekhuluma kabi ngani;
melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezi zinhlupheko ziyafezwa kubazalwane benu abasezweni.