Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;
1 kaPetru 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, IsiZulu 2020 Njengalokhu uKhristu ahlupheka emzimbeni, hlomani nani ngokuqonda okunjalo, ngokuba ohlupheke emzimbeni uyayeka ukona, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke njengalokhu uKristu wahlupheka ngenxa yethu enyameni, hlomani nani kanjalo umqondo ofanayo; |
Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi;
Bayoshisa izindlu zakho ngomlilo, bakwenzele izijeziso phambi kwamehlo abesifazane abaningi; futhi ngiyokwenza ukuba uyeke ubufebe, futhi ungase ungabe usanikeza inkokhelo.
Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.
Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Ngakho kumelwe ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.
Ngokuba bhekani yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla engqondweni yenu.
Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe.
Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe;
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;