UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.
1 kaPetru 3:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili. IBHAYIBHELI ELINGCWELE abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; IsiZulu 2020 kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi. Baasraak Zulu New Testament Bible Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili. |
UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.
INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.
UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini;
UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;
Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo.
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.
Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
Uma uNkulunkulu ethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa;
Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;
Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
Ngakho-ke abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke kuye imiphefumulo yabo ekwenzeni okuhle njengakuMdali othembekileyo.
futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;
Nithi ukubekezela kweNkosi yethu kuyinsindiso; njengoba laye umzalwane wethu othandekayo uPawuli ekulobela kwakhe ngokuhlakanipha akunikwayo;