USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.
1 kaPetru 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso, IsiZulu 2020 Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; |
USathane wamphendula uJehova, wathi: Isikhumba ngesikhumba, yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.
Iyakukhulula umphefumulo wayo ekuyeni egodini, nokuphila kwayo kuyobona ukukhanya.
ukuze ngibone okuhle kwabakhethiweyo bakho, ukuze ngijabule entokozweni yesizwe sakho, ukuze ngizigqaje ngefa lakho.
Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.
Ngafuna enhliziyweni yami ukuba nginakwe iwayini, kepha ngayiqondisa inhliziyo yami ngokuhlakanipha; nokubamba ubuwula, ngize ngibone ukuthi lezo zinto zaziyini kubantwana babantu ababeyakuzenza phansi kwezulu zonke izinsuku zokuhamba kwabo.
Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo.
Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kodwa loba ngubani olahlekelwa yimpilo yakhe ngenxa yami langevangeli, yena uzakusindisa.
UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli okungekho nkohliso kuye.
Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.
Ngoba kakusilo ize kini; ngokuba lokhu kungukuphila kwenu; futhi ngale ndaba niyakwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolidla.
Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.
Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nakho konke ukuhleba;
Emlonyeni wabo akufunyanwanga nkohliso, ngokuba bengenacala phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.