U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo wokushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe; wathatha umlilo ngesandla sakhe nommese; bahamba bobabili kanyekanye.
1 kaPetru 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; IsiZulu 2020 owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa, Baasraak Zulu New Testament Bible yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. |
U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo wokushiswa, wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe; wathatha umlilo ngesandla sakhe nommese; bahamba bobabili kanyekanye.
Ngokuba iziphambeko zami zedlule phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
Kumelwe ibe sebunzini lika-Aroni, ukuze u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele abantwana bakwa-Israyeli abayozingcwelisa kuzo zonke izipho zabo ezingcwele; njalo izakuba sebunzini lakhe, ukuze bamukeleke phambi kweNkosi.
Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.
Impongo iyothwala phezu kwayo bonke ububi babo, iye ezweni elingahlalwa muntu; futhi uyoyikhulula impongo ehlane.
Kumelwe bagcine izimiso zami, ukuze bangathwali isono futhi ngenxa yalokho bafe uma besingcolisa; mina, Jehova, ngiyabangcwelisa.
Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
Abantwana bakoIsrayeli bangasondeli ethenteni lenhlangano kusukela khathesi, ukuze bangathwali isono, bafe.
ijongosi elilodwa ithole lenkomo, inqama eyodwa, iwundlu lemvu elimnyaka munye kube ngumnikelo wokutshiswa;
Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngoIsaya umprofethi ukuthi: Yena wathatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu.
UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni;
UNkulunkulu wawokhokho bethu wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka esihlahleni.
Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.
Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.
Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga?
Kepha manje senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zikaNkulunkulu, nisitholile isithelo senu kube ngubungcwele, nokugcina ukuphila okuphakade.
Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.
Ngokuba kuqala kunakho konke nganinika lokho engakwamukela nami, ukuthi uKristu wafela izono zethu njengokwemibhalo;
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
Wesula umbhalo wesandla wemithetho owawumelene nathi, owawumelene nathi, wawususa endleleni, wawubethela esiphambanweni sakhe;
Ngakho-ke uma nafile kanye noKristu kuzo iziqalo zezwe, kungani niphila ezweni nithobela izimiso na?
Ngakho-ke esefika emhlabeni uthi: Umhlatshelo lomnikelo kawuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba;
Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe.
Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;
Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.
Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.
Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile.
Phakathi kwesitaladi sawo nangaphesheya komfula kwakukhona umuthi wokuphila, othela izithelo eziyishumi nambili, uthela isithelo sawo inyanga nenyanga, namahlamvu omuthi angawokuphulukisa imimoya izizwe.