Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
1 kaPetru 2:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. IsiZulu 2020 Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. |
Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamshaya; abanye bamshaya ngezintende zezandla.
Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Abanye baqala ukumkhafulela amathe, nokumboza ubuso bakhe, nokumshaya, nokuthi kuye: “Profetha!” Izinceku zamshaya.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo.
Kuze kube yilesi sikhathi silambile, somile, sihamba ze, siyashaywa, asinandawo yokuhlala;
Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.
Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele.
Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka nenza okubi.