Ngoba umisile abantu bakho uIsrayeli ukuthi babe ngabantu bakho kuze kube nininini; wena Jehova waba nguNkulunkulu wabo.
1 kaPetru 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. IsiZulu 2020 Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe. Baasraak Zulu New Testament Bible enanikade ningesiso isizwe, kepha manje ningabantu bakaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe. |
Ngoba umisile abantu bakho uIsrayeli ukuthi babe ngabantu bakho kuze kube nininini; wena Jehova waba nguNkulunkulu wabo.
Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.
Kodwa ngithi: UIsrayeli wayengazi yini? Kuqala uMose uthi: “Ngiyakunivusela umhawu ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenangqondo.
Ngoba njengalokhu lani kade lingamkholwa uNkulunkulu, kodwa khathesi selihawukelwe ngenxa yokungakholwa kwabo;
Kepha maqondana nezintombi anginawo umyalo weNkosi, kepha mina ngikhipha umbono wami njengomuntu ohawukelwe yiNkosi ukuba athembeke.
Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.